UNGQONGQOSHE UZISHAYELA IHLOMBE IZINHLELO ZENYUVESI ZOKULWISANA NOBHUBHANE LWE COVID-19

UNGQONGQ0SHE weMfundo ePhakeme, nezoBuchwepheshe nokuQeqesha, uDkt Blade Nzimande, ufike ngenhlokomo eNyuvesi yaseZUluland lapho emukelwe khona ngentokozo abaphathi benyuvesi.

UNgqongqoshe uNzimande uqala waphiwa incwadi uSolwazi Mtose ongumphathi weNyuvesi, lencwadi ishicilelwe izincithabuchopho zakulenyuvesi igama layo lithi “A UNIZULU Conversation”Reconceptualising the African University. UNgqongqoshe uncome izinhlelo ezenziwe i University of Zululand ukulungiselela ukuvula. UNzimande ubeyohlola inyuvesi izolo emuva kwesimemezelo sakhe sokuthi kumele kubuyele u 33% wezitshudeni. Ukhulume ngohlelo lokufunda nge internet athe kuyamjabulisa ukuthi inyuvesi inendlela yokubona izitshudeni ezifunda ngayo. Lokhu kusiza nokuthi kusizakale lezo zitshudeni ezinezingqinamba ukufunda nge internet. “Ngithole ukuthi u 100% wabasebenzi abafundisayo sebenawo ama laptop. Kuyangijabulisa kakhulu lokho. Ngiyathembisa ukuthi kuzophela le nyanga izitshudeni sezinawo amalaptop ne data ukuze zifunde kahle nge internet. Zonke izinhlelo zamalungiselelo okuvula ziyangigculisa, ikakhulukazi ngoba sisendaweni esemakhaya.”

Uthe zikhona izinhlelo zokuhlangabezana nenselelo yokushoda kwamanzi nogesi. Mayelana nokushoda kwezindawo zokuhlala okudale imibhikisho ekuqaleni konyaka, uNzimande uthe udaba luseqhulwini. Uthe kuwumbono wakhe ukuthi kugxilwe ezikhungweni ezisemakhaya ukuthi zibhekelelwe ukuthola izindawo zokuhlala izitshudeni. Inyuvesi isezinhlelweni zokunikeza abafundi ama laptop ne data yokufunda okuwuhlelo inyuvesi eliphuthumisayo ukuze abafundi bangaseleli emuva kanjalo kunohlelo lokuhambisela abafundi amaUSB nama Hard copies ezindaweni lapho imiphongolo yezobuchwepheshe ingadonsi khona

. UNzimande ugcizelele ukuthi unyaka wokufunda kuzo zonke izikhungo kulindeleke ukuthi uphothulwe ngoMashi. Uthe lokhu kwenziwa wukuphazanyiswa yiCovid 19. Kungenzeka ezinye izikhungo zisheshe ziqede kunesikhathi esinqunyiwe. UNzimande bekumele azungeze isikhungo ebheka izindawo zokuhlala izitshudeni okungenzekanga ngoba ethe akaphilile kahle. USolwazi Sipho Seepe, omunye wabaphathi besikhungo, uthe bakujabulele ukuvakashelwa wungqongqoshe ngoba bazokwazi nokuthola iziyalo nomhlanhlandlela. UNzimande kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuvakashela ezinye izikhungo kuzwelonke ebheka ukuthi sezikulungele yini ukwamukela izitshudeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Releated

Dr Nonhlanhla Myeni

From Hlabisa to UNIZULU by bus The story of Dr Nonhlanhla Myeni a UNIZULU alumnus is truly amazing and certainly inspiring. Nonhlanhla was born in Hlabisa, a town in the in the district of uMkhanyakude. She completed her matric education in one of the local schools and headed to UNIZULU to further her education albeit,…

THE UNIVERSITY OF ZULULAND AND KAGISO TRUST PARTNERSHIP IS SET TO DELIVER ANOTHER RIVETING CONVERSATION THROUGH THE LECTURE SERIES

A partnership between Kagiso Trust and the University of Zululand which commenced in 2018 will see the final in the lecture series being conducted on the 19th October 2021 at the University of Zululand, KwaDlangezwa Campus. Dr Beyers Naudé is Kagiso Trust’s founding trustee, alongside the likes of Archbishop Desmond Tutu, Dr Max Coleman, Reverend…

Translate »
Back to Top
X